Kodwa Yini Sathane (drama)

ISBN: 9780199042487
Author: C. Mpungose

R239.95 (incl. VAT)

UMfundisi Mahaye ujabula kakhulu uma indodana yakhe imtshela ukuthi isifuna

ukushada. Ucishe amelwe yinhliziyo nokho uma esezwa ukuthi indodana yakhe ifisa ukushada nomuntu wesilisa. Uzokuvuma yini lokhu uMahaye njengoba engumfundisi futhi ehlale eshumayela ethi ngamanyala ubunkonkoni? USathane uzowuxova kanjani lo mndeni wakwaMahaye obunokuthula nothando? Ngubani ngempela uSathane kulo mdlalo? Abalingiswa babhekene nezinselelo ezinzima kulo mdlalo futhi izinqumo okufanele bazithathe zingase zibehlukanise nomndeni, abangani nomphakathi jikelele. Izigameko ezisiphuzelisa unwele kulo mdlalo zenza ukuba le ncwadi

ihehe, ingabekeki phansi. Lo mdlalo wadla ubhedu emncintiswaneni owawuhlelwe nguMnyango Wezobuciko Namasiko (KZN) ngokubambisana nabakwa- Oxford University Press. UCharity Nomcebo Mpungose ungowokuzalwa eNkandla. Ungumdlali wemidlalo yeshashalazi njengoba afunda eMbongeni Ngema Academy of Performing Arts. Yincwadi yakhe yokuqala lena.

Additional information

Author/s

ISBN

9780199042487

Edition

000001

Publication Date

09 Oct 2013

Format

Pages

0

Language